Skip to main content
IsiZulu | Inkulumo yeSabelozimali ka-2022/2023 eyethulwa uNgqongqoshe uBarbara Creecy, ePhalamende

IsiZulu | Inkulumo yeSabelozimali ka-2022/2023 eyethulwa uNgqongqoshe uBarbara Creecy, ePhalamende

IsiZulu | Inkulumo yeSabelozimali ka-2022/2023 eyethulwa uNgqongqoshe uBarbara Creecy, ePhalamende
18 Nhlaba/Meyi 2022

Sihlalo Wendlu Ohloniphekile;
Iphini likaNgqongqoshe Nksz Makhotso Sotyu;
Sihlalo Ohloniphekile Nksz Faith Muthambi Namalunga ekomiti;
Osihlalo bamabhizinisi angaphansi koMnyango;
Mmqondisi Jikelele, Nksz Nomfundo Tshabalala;
Zikhulu eziziyinhloko zamabhizinisi kahulumeni

Manene naManenekazi

Sanibonani

Ngobusuku bamhla ka-11 Aphreli, uNkz Thembisa Nomlala oyiqhawe kwezemvelo ohlala kweminye yemjondolo yaseKwalini (Quarry Road West), eThwekwini wayevele ngokhalo kuzikhukhula zamanzi ebelethe umzukulu wakhe osemncane ezama ukutakula omakhelwane bakhe. Umniningwane obika ngezikhukhukhula watholakala ngesathalaythi, okunguhlelo olwazisa ngezinsongo zezikhukhula ezizobakhona. UNkz Nomlala kanye nabanye ozakwabo abangama-Enviro Champs bakwazi ukusindisa bonke abantu ababesengozini ngaphandle komuntu oyedwa. Okunye okubuhlungu ukuthi uMfula i-Palmiet wasendaweni wakhukhula amakhaya angama-450.

Inhlekelele yangalobo busuku, ikhombisa usizi ngemuva kombiko wesithupha wethimba lamazwe ngamazwe mayelana nokuguquguquka kwesimo sezulu. Lo mbhalo oyizingxenye ezintathu uqinisekisa izinhlekelele ezibangelwa ukuguquguquka kwesimo sezulu futhi nezinomthelela ezimeni eziphathelene nempilo yabantu, ezomnotho kanye nezemvelo.

Ukuhlukumezeka kwezakhamuzi zasemjondolo yaseKwalini kufakazela ukuthi abesifazane nezingane ikakhulukazi labo abaphila ngaphansi kwezimo zobumpofu, basenngcupeni enkulu ngenxa yokuguquguquka kwesimo sezulu. Kodwa uNkz Nomlala kanye nozakwabo kwi-Enviro Champs abangaphansi kohlelo Olulawula Uguqulo Lomumo Wemifula ukuze kulwisane nesimo sokuquguquko

banomyalezo obalulekile nonamandla kithina: imiphakathi esengcupheni akufanele iphelelwe amandla lapho ibhekene nokuguquguquka kwesimo sezulu. Esikhundleni salokho ukubambisana, okufana nalokhu, okuhlanganisa uMphakathi waseKwalini eThekwini, kanye neNyuvesi yaKwaZulu-Natali, kungabamba iqhaza elibalulekile ekwakheni izikhiwo ezizokwazi ukumelana nesimo sezulu emiphakathini esengcupheni.

Njengoba sibhekene nokuguquguquka kwesimo sezulu esibucayi, izindawo nezakhiwo ezimelana nesimo sezulu zizodingeka kuzo zonke izihlelo futhi kugxilwe ngokukhethekile kubantu namakhaya kanye nemiphakathi esengcupheni .

Umsebenzi weKhomishana Yesimo Sezulu Kamongameli weseka ukuqalisa ukubambisana noHlaka Loshintsho Kwezemvelo nakuguquguquko kwesimo sezulu eNingizimu Afrika futhu ugcizelela ekutheni wonke umuntu othintekayo abe yingxenye yezixazululo. Ngapgezu kwalokho kufanele kube nokusatshalaliswa ngokulinganayo kwamathuba ukuze imiphakathi esengcupheni ingabi nomthwalo wenguquko. Le nqubo yokusatshalaliswa ingaphumelela kuphela uma ibhekela intuthuko ngobubanzi, ebandakanya umnotho, amathuba emisebenzi nokuqikelela ukuphathwa ngokulingana kwabantu nemiphakathi.

Ngenkathi sisalinde le Ndlu ehloniphekile ukuthi icubungule uMthethosivivinywa Wesimo Sezulu, sibeka umklamo wasekhaya wokulwa nokuguquguquka kwesimo sezulu.

Ngokuhambisana nokuzimisela kwethu obuyekeziwe kweNationally Determined Contribution (NDC) ukunciphisa ukukhishwa kwesisi esingcolisa umoya, sisungule uhlaka Sectoral Emission Targets (ama-SET) oluchaza imigomo yokunciphisa ukungcola komoya emikhakheni ebalulekile yomnotho. Uhlelo lwa-SET luzoqala ngonyaka wezimali wezi-2022/23.

Eminyakeni emibili edlule, iKhabhinethi yagunyaza Isu Likazwelonke Lokubhekana Nokuguquguquka Kwesimo Sezulu Kuze kube manje, seseseke bonke omasipala bezifunda abangama-44 ukuthuthukisa amasu okubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu. Umsebenzi wamanje uhlanganisa ukwesekwa kokuqinisekisa ukudidiyelwa kwezinto ezibalulekile zesimo sezulu kuZinhlelo Zokuthuthukiswa Okudidiyelwe.

IThimba likaMongameli Lokusebenza Kwezimali Zesimo Sezulu, eliholwa nguMnuz Daniel Mminele, lihola ithimba lezobuchwepheshe ukuze liqonde imininingwane ephelele yesiphakamiso samazwe athuthukile sokusebenzisa amadola ayizigidigidi eziyisi-8.5 ( amarandi angamabhiliyoni awu-R131) eminyakeni emithathu kuya kwemihlanu ezayo ukusekela ukuqaliswa kokusebenza kwethu. sibuyekeze i-NDC futhi siqale i-Just Transition yethu. 

Malungu ahloniphekile,

Ukusakazwa kwabezindaba zakamuva kubangele ungabazane ngekhono leNhlangano Yenkonzo Yesimo Sezulu lokubikezela izimo zesimo sezulu esibi nokuvikela izakhamuzi zethu emthelela wokuguquka kwesimo sezulu.  Le mibiko ayilona iqiniso. Izixwayiso zesimo sezulu zakhishwa ngaphambi kwezikhukhula kusukela mhla ziyi-11 kuya 12 kuMbasa futhi zabuyekezwa ngokushuba kwesimo sezulu, zaba yiSixwayiso sesigaba sesi-5 ekuseni ngoMbasa mhla ziyi-11 kanye nesixwayiso sesigaba sesi-8 noma umthelela omkhulu ngo-8 ntambama ngalobo busuku.

Ukuqinisekisa, ukuthi naphezu kokushoda kwemali engenayo, ikhono lethu lokubikezela liseqophelweni eliphezulu siye sabele iNhlangano yaseNingizimu Afrika Yenkonzo Yesimo Sezulu (South African Weather Service) isamba sezigidi ezingu-R100 eminyakeni emithathu ukuze kuthuthukiswe ingqalasizinda yayo, siqale ngezigidi ezingu-R15 ngonyaka wezi-2021-2022.

Njengoba nazi, sisaqhubeka nokubhekana nokungcoliswa komoya okunamandla ezindaweni ezintathu eziseqhulwini zezimboni zaseVaal Triangle, eHighveld kanye naseWaterberg-Bojanala.

Imithethonqubo yokusebenzisa kanye nokuphoqelela izindawo ezimqoka ukuthuthukia izinga lomoya ohlanzekile  izoshicilelwa ngaphambi kokuphela konyaka wezi-2022.

Njengamanje kunezikhalazo ezingu-10 eziphikisana nezinqumo ezihlukahlukene zeSikhulu Somnyango Sezinga Lomoya Kazwelonke mayelana nezicelo zokumiswa nokuhlehliswa kokuthobela  Amanani aphandi okokukhishwa komoya kanye nokukhishwa Kwamalayisense Esikhashana Okukhishwa komoya Emkhathini.

Ngenkathi ezinye zezicelo zamukelwa, ezinye zenqatshwa. 

Ngenxa yobunzima nobinkimbinkimbi baloludaba neziphakamiso eziveziwe lapho kufakwa izikhalazo, ngifaka uhlelo ngokweSigaba 3A soMthetho Wokuphathwa Kwemvelo Kazwelonke ukuze ngelulekwe ngezikhalazo.

Sengizifakile isaziso sezimemo zokuqokwa kwithimba lochwepheshe ukuze licubungule ubufakazi bomlomo nobubhaliwe kulezi zindaba ezibalulekile. Imigomo Yezithenjwa yakhiwe futhi yafakwa kusaziso sikahulume njengengxenye yesimemo.

Malungu ahloniphekile,

Onyakeni odlule ngakhipha Umbiko Wethimba Lezinga Eliphezulu owawubuyekeza izinqubomgomo, imithetho kanye nezindlela zokwenza eziphathelene nokuphathwa, ukufuya, ukuzingela, ukuhweba nokuphathwa kwezindlovu, ibhubesi, ingwe nobhejane.

NgoNhlangulana/Juni wezi-2021 uMnyango ukhiphe iSimo Senqubomgomo esacutshungulwa ukuze umphakathi uphawule ngaso futhi uhlanganisa ezinye zezincomo ezibalulekile zephaneli. Inqubo yokubeka imibono yomphakathi ithole ukuphawula okungaba u-9000.

Ngakho, uMnyango uthathe isinqumo sokuqhubeka nokuthuthukisa umthetho osacutshungulwa ophathelene nekugcinwa  nokusimamisa izinhlobonhlobo zezinto eziphilaya zaseNingizimu Afrika.

Umthetho osazocutshungulwa yiKhabhinethi ngoNhlangulana nonyaka, emva kwalokho uzoshicilelwa ukuze umphakathi uphawule ngawo.

Akumele silinde ukuba umthetho ohlongozwayo uhlele ngokusemthethweni izindlela ezintsha zokwenza ngokuhambisana nezincomo zePhaneli Yezinga Eliphezulu. Izinyathelo ezithile zingaqhubeka manje ngokwesisekelo okuvunyelwene ngaso.

Odabeni lwemboni yamabhubesi athunjiwe, ngihlose ukusungula Iphaneli Lochwepheshe ukuze lenze futhi liqondise ukuqaliswa ngokuzithandela lalabo abafisa ukubamba iqhaza.

Ngikholwa ukuthi ngokuzibandakanya nokusebenzisana nababambiqhaza, singakha isu lokuzithandela elinganciphisa izingozi, okuhlanganisa umthelela emnothweni wendawo, ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi kanye nenhlalakahle yamabhubesi ngokwawo.

Leli phaneli lizoba nemigomo ecacile yezinkomba nezikhathi eziqinile, ukuze lowo mphumela unikezwe ezincomweni ze-HLP, kanye nesinqumo esiphuma kunkomfa yonyaka wezi-2018 yasePhalamende ngodaba lwamabhubesi.

INingizimu Afrika idinga uhlelo lokubuyisela uhlobo lobhejane omhlophe, olubhekeni nenkinga yokuzingelwa kanye namandla esinawo okuzalanisa obhejane abamhlophe ezindaweni ezilawulwayo ngenjongo yokubagcina nokubonga, ukuze kusekelwe ukugcinwa kobhejane ezinhlelweni eziningi zezilwane zasendle.

Ngikholwa ukuthi icebo elinjalo lingathuthukiswa ngokubambisana nabanikazi bobhejane abazimele, kusetshenziswee izincomo zePhaneli esimweni ngokuzithandela. Ngicele abakwa-SANParks ukuthi bahole ekuthuthukisweni kwalolu hlelo lokubuyisela kabusha njengengxenye ebalulekile yomsebenzi wabo kulo nyaka wezimali.

IPhalamende ligunyaze ukuchitshiyelwa koMthetho Wokuphathwa Kwemvelo Kazwelonke: Umthetho Wezinhlobonhlobo Zemvelo, okuzokwenza ukuthi kuthuthukiswe umthetho ezingeni likazwelonke ophathelene nokuphila kahle kwezilwane zasendle.

Sisohlelweni lokusungula inkundla yezenhlalakahle yezilwane zasendle ezogqugquzela ukongiwa kwezinhlobonhlobo zemvelo kanye nokusetshenziswa kwemvelo okusimeme, okunomthwalo wemfanelo kanye nobuntu nokuphathwa kwezilwane zasendle.

Malungu ahloniphekile,

Kuyinjabulo ukumemezela namuhla ukuthi sesikhokhele izicelo zomhlaba ezingama-58 kwezingu-66 ezindaweni ezivikelekile ezahlonzwa ukuze zixazululwe ngokushesha phakathi neNgqungquthela yesi-8 yabantu namaPaki eyayiseLimpopo ngonyaka wezi-2018. Ukubonga kwami ​​okukhethekile kuya kuKhomishana Yezicelo Zomhlaba kanye noNgqongqoshe Thoko Didiza ngobuholi bakhe.

Okungikhathaza kakhulu izicelo zomhlaba ezingakaxazululwa e-Kruger National Park (KNP). Ngifuna ukuncoma iBhodi le-SANParks kanye nabaphathi be-Kruger National Park ngamandla amasha aboniswayo lapho behlangana nabaholi bezendabuko ukuze kuphothulwe izicelo zokubuyiselwa umhlaba eziyinkimbinkimbi ngendlela ebandakanyayo ezuzisa kakhulu imiphakathi ethintekayo.

I-iSimangaliso Wetland Park kanye ne-SANParks ekuqaleni kwalo nyaka babambe izingqungquthela zabatshalizimali ukuze bahehe ukutshalwa kwezimali kwezinkampani ezizimele emathubeni amasha nakhona kwezokuvakasha.

Zombili izingqungquthela zokutshalwa kwezimali ziza ngesikhathi esibalulekile oHlelweni luka zwelonke Lokwakha Kabusha Umnotho kanye Nokuvuselela Umnotho wezwe lethu lapho ukuvuselelwa kwezokuvakasha kanye nokukhula kuyingxenye yezinto ezinhlanu ezihamba phambili kanye nokutshalwa kwezimali kwengqalasizinda kanye nokungenelela komnotho obhekelela imvelo. 

Sibheke ngabomvu amaphrojekthi ethulwe kubatshalizimali asekela ukusheshisa ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi emiphakathini yasemakhaya engasemngceleni wamapaki ethu lapho okwamanje ambalwa amanye amathuba okuziphilisa esimeme.

Emzamweni wokudala amathuba emisebenzi engeziwe emiphakathini yendawo ehlala eduze nezindawo ezivikelekile kanye nokwesekwa kwamabhizinisi amancane nasafufusa, kulo nyaka, uMnyango uzotshala imali eningi ekuvikelweni nokongiwa kwemithombo yemvelo. Ngokubambisana ne-SANParks, i-SANBI, kanye neSimangaliso, singadala amathuba emisebenzi angu-8 315 uma nje singaqinisekisa Ukulawulwa Kwezinsiza Zemvelo, okuhloswe ngakho ukulawula izilwane ezihlaselwayo, nokuvuselela izindawo ezonakele kanye nezingamaxhaphozi.

Ngaphezu kwalokho, sizokwakha amanye amathuba emisebenzi ayizi-2646 ezindaweni ezivikelekile ngoHlelo lwethu Lokuvikela Imvelo kanye Nengqalasizinda oluzothuthukisa futhi lulungise ingqalasizinda ezindaweni ezivikelekile kanye nezingadi zezitshalo.

Malungu ahloniphekile,

Ukugcina izwe lethu lihlanzekile futhi sikhipha imfucumfucu engafunwa nengabukeki endaweni yethu kuseyingxenye ebalulekile yokuzibophezela kwethu ekuhlinzekeni indawo enempilo ukuze wonke umuntu ahlale kuyo.

Ngonyaka odlule, siye samemezela iMithethonqubo mayelana Nomthwalo Wemfanelo Owengeziwe Womkhiqizi ngenjongo yokwehlisa umthwalo komasipala wokuletha izinsiza zokuthuthwa kukadoti ezweni lonke.

Imithethonqubo yokubheka kwemfucuza engokwemvelo, kanye nokuguqula imfucuza engokwemvelo ibe umayolo, nayo ishicilelwe ukuze isetshenziswe ukuze kuphambukiswe imfucuza kude nezindawo zokulahla imfucumfucu futhi kwakhiwe izimboni ezintsha.

Ukwenza ngcono ukulawulwa kwemfucuza komasipala, uMnyango usiza ekuthuthukisweni kwezinhlelo zawo ezididiyelwe zokulawulwa kwemfucuza, kanye nokuqeqeshwa ngezindlela eziqhubekayo zokulawulwa imfucuza.

Umnyango uhlinzeka ngamaloli  angama-22 komasipala abayi-19 ezweni lonke. Abalwelwa kwisamba semali esingu-R42 439 812.20, amaloli ahlanganisa ama-Skip Loader Trucks, ama-Front End Loaders, ama-compactor trucks namanye amaloli adingekayo ukuze athuthe imfucuza kulezi zindawo.

Ngohlelo lwethu lokusekela lwezifundazwe nolomasipala, uhlelo lukaMasipala Lokuhlanza Nokutshala uhlaza olwenziwa onyakeni wezimali odlule lwemfundo yomphakathi, ukulahlwa kwemfucuza, komasipala abangama-36 ezweni lonke.  Amathuba emisebenzi angaphezu kuka-3000 adalwe njengoba sithuthukisa impilo yemvelo kule miphakathi.

Sihlalo wendlu ohloniphekile,

Abadobi banegalelo elibalulekile ekuvikelekeni kokudla nasekukhuleni komnotho wendawo. Onyakeni odlule siye sabhekana nezinselelo eziningi eziphathelene hhayi nje kuphela nokwabiwa kwamalungelo okudoba, kodwa futhi mayelana nezinsolo zemiphumela yokuqhuma komhlaba olwandle kanye nezinsiza zokudoba.

Konke lokhu kubhekwene nakho ngqo.

Ukuqinisekisa ukuthi imifelandawonye yezokudoba iyasimama, uMnyango wethu wenza izinhlelo zokweseka ngokubambisana noMnyango Wokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane kanye nedlanzana lomasipala basekhaya  kulo nyaka abagxile ekusizweni kwezamabhizinisi, ukuphatha izimali kanye nokwenza ngcono. Sizokwenza kube lula ukuthi kuthengwe izinsiza zokudoba zemifelandawonye edinga usizo.

Imiphumela yenqubo yeNqubo Yokwabiwa Kwamalungelo Okudoba (i-FRAP) yango-2021 yashicilelwa ngomhla zingama-28 kuFebhuwari. Manje sibhekene nezikhalo zabo bonke labo abangenelisekile ngohlelo.

Siqoka Ithimba Elizimele Lokudluliswa Kwezikhalazo ukuthi lingeluleke, njengoMkhandlu Ophethe Izikhalo, mayelana nokufaneleka kwesikhalazo ngasinye ukuze siqinisekise ukuthi inqubo ilungile futhi iphetha ngesikhathi.

Ngakho-ke nginxusa bonke abangase bafake izicelo kanye nezinhlangothi ezinentshisekelo kanye nabathintekayo ukuthi bafake izicelo zabo ngaphambi noma ngaphambi kwesikhathi sokuvala saphakathi kwamabili zingama-29 kuNhlaba wezi-2022.

Umthelela wezinhlolovo zokuzamazama komhlaba okusukela olwandle ezindaweni zethu ezivikelekile zasolwandle kanye nasembonini yokudoba kuyinkinga enkulu emphakathini. Lezi zinhlolovo zenziwa ngasogwini lwethu kusukela ngeminyaka yawo-1950, futhi iNingizimu Afrika ibe nesandla emgudwini wesayensi eyisisekelo mayelana nalolu daba.

Ukuqinisekisa ukuthi izinyathelo zokunciphisa zivikela kokubili imvelo yethu kanye nemithombo yethu yokudoba, uMnyango uhlose ukwenza uhlelo lokucwaninga ngezinhlolovo zokuzamazama komhlaba kanye nomthelela wako emanzini asendaweni yethu..

Lolu cwaningo luzoqala kulo nyaka futhi luzoqala ngokubheka emuva ukuze kutholakale ukuthi awukho yini umthelela obonakalayo ezindaweni zasolwandle lapho ucwaningo lokuzamazama komhlaba seluvele lwenzekile eminyakeni embalwa edlule.

Malungu ahloniphekile,

Ukubhekana nokuzingelwa nokubulawa kwezilwane zasendle kanye nezitshalo zezwe lethu sekubekwe eqhulwini uhulumeni njengoba izifundazwe nemikhakha ekhahlanyezwe kakhulu yibo lobu bugebengu ithola ukwesekwa okukhulu nguMnyango.

Ekuqaleni kukaNhlolanja sike sacubungula izibalo zokubulawa kobhejane ngonyaka wezi-2021 nakuba sivuma ukwehla kancane kancane kwezinga lokubulawa kobhejane e-Kruger National Park, ingcindezi yokuzingelwa ngokungemthetho isishintshile ezweni lonke futhi i-KwaZulu-Natal isiphenduke isizinda salobugebengu. 

Ngenxa yezinga elishaqisayo lokuzingela ngokungemthetho kulesi sifundazwe, izinsizakalo ezibalulekile zomnyango sezitshaliwe ukuze kweseke i-Ezemvelo KZN Wildlife kanye ne-SAPS. Lokhu kubandakanya usizo lokuqoqwa kwezobunhloli kanye nophenyo oludidiyele, ukwesekwa kwezikhulu zomthethokanye naBaphathi Bemisebenzi Edidiyele, okuhlanganisa isikhungo esisenkabeni eHluhluwe Imfolozi Park eyingxenye YeziNdawo Zezilwane Zasendle Ezinhlobonhlobo.

Maqondana nomsebenzi owenziwa yikomidi elisemqoka ngaphansi komkhankaso wesi- 5 we-Operation Phakisa, ukukhathazeka okukhulu kuvezwa isidingo esikhulu namanani aphezulu akhokhelwa ukuze kuthengwe ngokungemthetho i-abalone ayaqhubeka nokuheha abantu eNingizimu Afrika ekuhwebeni ngokungemthetho. Ukukhathazeka okufanayo ngokuqhubeka nodoba ngokungemthetho komHolo- e-West Coast Rock olwandle. Ngakho uMnyango uyaqhubeka nokugxila emizamweni yawo yokuqinisa umthetho ekulweni nalezi zenzo ezingekho emthethweni.  

Ukuze siphinde sigxilise umzamo wethu mayelana nokuphathwa kwemithombo yezimbaza kanye nendlela engcono kakhulu yokuvimbela kanye nokulwa nohwebo olungekho emthethweni, uMnyango kanye nenqwaba yababambe iqhaza bazokwakha indlela ehlanganisayo nephelele yokubhekana nohlelo lokusebenza lokuvimbela kanye nokulwa nokuhweba ngezimbazo evunwe ngokungemthetho.

Sihlalo wendlu ohloniphekile,

Sengiphetha, ngibonga iPhini likaNgqongqoshe uNkz Makhotso Sotyu, ngokweseka yonke imikhakha yomsebenzi woMnyango wethu; ngiphinde ngidlulise kubonga kuMqondisi-Jikelele wethu uNksz Nomfundo Tshabalala ngokuphatha nangokulawula ngokusimeme nangokucophelela imisebenzi ehlukahlukene eyinkimbinkimbi .

Ngizwakalisa ukubonga kwami okukhulu kwithimba loMnyango WezamaHlathi, Ezokudoba NezeMvelo kanye noSihlalo Bebhodi kanye nakuziKhulu Eziyinhloko eziphethe izinhlaka zomnyango (enthithisi), ngokuzinikela kwabo kwezemvelo futhi nokusebenzisa ngendlela efanele nesimeme imvelo yezwe lethu.

Okokugcina, ngibonga kakhulu eKomidini lethu lePhalamende eliholwa nguMhlonishwa uFaith Muthambi ngokuhlezi lisigcina sinolwazi!

Ngiyakubonga.

 

About

We are professional and reliable provider since we offer customers the most powerful and beautiful themes. Besides, we always catch the latest technology and adapt to follow world’s new trends to deliver the best themes to the market.