Skip to main content

Ubufakazi bonke ngegunya kanye nemisebenzi woMnyango Wezamahlathi, Ezokudoba Nezemvelo

Umbono, umgomo, izimiso

 

Umbono

Umphakathi ophumelelayo nolinganayo ohlalisana nophila ngokuthula nemithombo yezisinza zemvelo.

Umgomo

Ukuhlinzeka ngobuholi ekuphathweni kwemvelo, ukongiwa kanye nokuvikelwa ekusimamiseni ukuze kuzuze abantu baseNingizimu Afrika kanye nomphakathi womhlaba wonke jikelele.

Izimiso

Siqhutshwa intshisekelo yethu njengabagcini bemvelo kanye namanxusa emvelo, kufanele sikhuthale ekugqugquzeleni imibno emisha kanye nezisombululo ekuphathweni kwemvelo okusekelwe endleleni egxile Kubantu futhi eqaphela ukubaluleka kwe-Batho Pele, ngoba yilapho isisekelo sethu sikhona, ukubeka abantu esizobasebenzela Ngobuqotho kuqala, okuyisisithako esibalulekile enhlanganweni eqhutshwa Ukusebenza okuphezulu njengeyethu.

 

Intshisekelo

  • Sinetshisekelo ngezimiso zethu futhi siphila ngazo kukho konke esikwenzayo usuku no suku
  • Sizinekele emsebenzini wethu futhi senza okungaphezulu
  • Sikhombisa ukuziqhenya ngomsebenzi wethu, inhloso kanye nombono wethu
  • Njengabagcini kanye namanxusa ezemvelo, sinikezela izinkonzo ezisezingeni eliphezulu emphakathini waseNingizimu Afrika
  • Sakha futhi siququzele indawo yomsebenzi evuselela ithemba nekhuthazayo
  • Sikhuthaza ngokuqiniseka futhi simela imibono yethu, imilayezo kanye nesithunzi sethu

 

Sigxile kubantu

  • Sikhombisa ukuvuleleka nokuzimisela ukufunda komunye nomunye nokweseka abanye emzamweni wabo wokufunda nokwandisa ubukhali bamandla abo
  • Siyawahlonipha futhi siyawazisa amandla awo wonke umuntu
  • Sikhombisa uzwela lapho sisebenzelana nabanye abantu
  • Siveza ubungcweti nokuzethemba, nasezimeni ezinzima
  • Sisebenzisa igunya nendlela onokuthobeka
  • Siyasekana futhi sisizane
  • Sikhuthaza uzinzo phakathi kwempilo nomsebenzi

 

Ubuqotho

  • Senza izinqumo ezisekelwe olwazini ukuze sithuthukise imiphumela futhi silawule ubungozi
  • Siziphatha ngendlela efanele futhi sibhekana nqo futhi silungise ukuziphatha okungafanele
  • Sivumela futhi sikhuthazd inkulumo-mpikiswano eqotho - siyalalela kuqala ukuze siqonde omunye
  • Siyabahlonipha futhi siyabazisa bonke abantu ngokwezizinda zabbo ezihlukahlukene, ubukhali bamandla abo, imibono yabo, ngaphakathi nangaphandle kwenhlangano, kungakhathaliseki isikhundla abakuso.
  • Sithembekile futhi sigcina izibopho zethu nezithembiso esizenza kwabanye
  • Siqhuba uhlelo lomsebenzi lwe-DFFE, kunokuphishekela izithakaselo zethu
  • Seseka isinqumo uma sesithathiwe futhi siyasekana sigcini umbono omuhle ngomunye noma singekho ndawonye

 

Ukusebenza

  • Sigxile ekubhekeleleni imisebenzi yethu eyinhloko futhi silungise imisebenzi ebambezela imisebenzi eyinhloko  engenzi inqubekela phambili
  • Simukela futhi sibhekane nomthelela wezinqumo nezenzo zethu kanye nemiphumela
  • Sisibenza njengeqembu, segxile kakhulu kumakhono omuntu ngomuntu ukuze sifeze izinjongo zethu
  • Sibonisa isimo sengqondo esithi ‘nginga kwenza’ futhi silwela ukulethwa kwemiphumela ngokushesha
  • Sisiza abanye ukuthi benze okusemandleni abo ngokuba nikeza imibono evulekile nangokusekela izinhlelo zabo zokuthuthukisa
  • Sibandakanya wonke umuntu othintekayo ezinhlelweni zethu, kwinjongo naku zinqumo zethu

 

Intshisekelo

  • Sgqugquzela imibono emisha kanye nezisombululo
  • Samukela ulwazi, isayensi  esezingeni eliphezulu etholakalayo kanye nenqubo yokwenza engcono
  • Sinemgqondo ovulekile, sizimisele ukulalela nokufunda kwabanye
  • Silwela ukwenza  kangcono futhi siqhuba futhi sisekela ushintsho
  • Sibambisana kuzo zonke izinhlaka zenhlangano futhi silwisana nazo zonke izinselele ezikhona
  • Sisebenza ngokubambisana nabalingani bethu nababambiqhaza, sisungula futhi siphishekele imigomo esabelana ngayo

 

Ubufakazi bonke ngegunya kanye nemisebenzi woMnyango Wezamahlathi, Ezokudoba Nezemvelo

Igunya elisemthethweni kanye nomsebenzi owumgogodla woMnyango Wezamahlathi, Ezokudoba Nezemvelo (DFFE) ukuphatha, ukuvikela kanye nokulondoloza imvelo yaseNingizimu Afrika kanye nemithombo yezinsiza zemvelo. Igunya lisekelwe esigabeni 24 soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika, we-1996 (uMthetho No. 108 we-1996), onikeza wonke umuntu ilungelo (a) lokuphila endaweni engesiyo ingozi empilweni noma enhlalakahleni yakhe; kanye (b) nelokuba kuvikelwe imvelo ukuze kusizakale izizukulwana zamanje nezizayo, ngemithetho nezinye izinyathelo ezemukelekayo.

Ukuze kufezeke leli lungelo lomthethosisekelo lendawo okuphilwa kuyo kanye nesidingo sokuphathwa kwemvelo ngendlela efanele  nentuthuko eqhubekayo i-DFFE iye yasungula uhlaka lomthetho/lokulawula oluphelele. Lolu hlaka lokulawula luhlanganisa imithetho yephalamende (imithetho yezemvelo), imithethonqubo, izinqubomgomo, izinkambiso nezindinganiso, namanye amathuluzi okulawula okuhloswe ngawo ukukhuthaza izinqubo zokulawulwa kwemvelo ezemukelekayo ukuze kuvikelwe futhi kugcinwe imvelo ukuze kusizakale izizukulwane zamanje nezizayo.

Ukwengeza ekuthuthukisweni, ukuqaliswa kanye nokubuyekezwa okuqhubekayo kohlaka lokulawula oluqhubekayo lokulawulwa kwemvelo ngendlela efanele, okunye ukungenelela okubalulekile kokulawulwa kwemvelo okwenziwa yi-DFFE kubandakanya ukuqwashisa ngezindaba ezibalulekile zemvelo kanye nokukhuthaza isiko lokushisekela imvelo phakathi kwezakhamuzi ezivamile, ukwakha amandla ngaphakathi komkhakha, kanye nokusungula nokuqinisa ubudlelwano bukazwelonke, besifunda kanye nomhlaba wonke ukuze kubhekwane nezinselele ezifanayo zezemvelo.

Umbono wesikhathi eside we-DFFE ukuba “nomphakathi ophumelelayo nolinganayo  ohlalisana nophila ngokuzwana nemithombo yezisinza zemvelo zethu”, njengoba kuveziwe ohlelweni lwethu lwenkathi ephakathi nonyaka. Ukweseka ukuzuzwa kwalo mbono, i-DFFE ihlonze izinjongo zamasu amahlanu, okumi kanje:

  • Ukusebenzisa okungcono kakhulu noma okuphumelelayo kwezinzuzo zezomnotho wezemvelo;
  • Ukuthuthukisa nokuvikela Ubuqotho bezemvelo/Ukusebenzelana kwezinto eziphilayo nemvelo;
  • Uguquko ngaphakathi emiphakathini yethu;
  • Ukuhlangabezana nezibophezelo nethonya le-ajenda yomhlaba wonke; 
  • Umnyango onekhono nosebenza ngokugcwele.

I-DFFE ihlelwe yaba nezinhlelo zesabelomali eziyisishiyagalolunye. Uhlelo ngalunye luqhubela phambili imiphumela yamacebo namasu ahlonziwe, okuhloswe ngawo ukuzuza izibopho ze-DFFE ohlelweni lwamacebo namasu eminyaka emihlanu futhi ekugcineni lube nenqubekela phambili  ekufezekiseni umbono wesikhathi eside we-DFFE.

 

Izinhlelo, izinhloso kanye amacebo namasu

Uhlelo loku-1: Ukuphatha 

  • Inhloso: Ukuhlinzeka ngobuholi obuhambisana namasu, ukuphatha kanye nezinsiza zokweseka umnyango
  • Uhlelo lamasu olunemiphumela:
    • Ukubusa kahle nokuhambisana nezidingo zomthetho kanye nokuphathwa kwezimali ngempumelelo
    • Ukuba negalelo ekuguqulweni kwezenhlalo-mnotho kanye nokufukula imiphakathi eyayincishwe amathuba phambilini
    • Abasebenzi abanamakhono anele nabanobuhlakani, abanesimo somqondo esiguquliwe futhi abamele zonke izihlanga nobulili baseNingizimu Afrika
    • Ukuthuthikiswa kwenani lezisebenzi kulo mkhakha

 

Uhlelo lwesi-2: Ukuthobela Umthetho kanye Nokuqapha Umkhakha

  • Inhloso: Ukukhuthaza ukuthuthukiswa kohlelo lwezomthetho oluqondisayo kanye nohlelo lwamalayisensi okugunyazwa oluzogqugquzela ukuphoqelelwa nokuthobelwa kwemithetho, futhi luqinisekise ukuhambisana kokusebenza komkhakha.
  • Uhlelo lamasu olunemiphumela:
    • uthuthukisa ukuthobela kwemithetho yezemvelo kanye nezindlela zokunciphisa ukulimala kwemvelo kuncishisiwe
    • Izinhlaka, izinhleo kanye namathuluzi zokulawula kwemvelo ezihambisanayo
    • Ukuthuthikiswa kwenani lezisebenzi kulo mkhakha

 

Uhlelo lwesi-3: Izilwandle kanye Nogu

  • Inhloso: Ukukhuthaza, ukuphatha kanye nokuhlinzeka ngobuholi obunamasu okongiwa kwezilwandle kanye nogu
  • Uhlelo lamasu olunemiphumela:
    • Ubungozi obuphazamisa ubuqotho bokuphathwa kwemvelo nokugcina isimo semvelo sokuphilisana kwemvelo
    • Ukuxhumana okuqinisiwe kolwazi, isayensi kanye nenqubomgomo

 

Uhlelo lwe-4: Ukushintsha Kwesimo Sezulu, Ikhwalithi Yomoya kanye Nentuthuko Eqhubekayo

  • Inhloso: Ukuhola, ukukhuthaza, ukwenza lula, ukwazisa, ukuqapha kanye nokubuyekeza ukugxiliswa kokusimama kwemvelo, ukukhishwa kwekhabhoni ephansi, nokumelana nesimo sezulu kanye nezinga lomoya njengoba iNingizimu Afrika iguqukela  entuthukweni eqhubekayo.
  • Uhlelo lamasu olunemiphumela:
    • Ushintsho ofanele olugxile emnothweni wekhabhoni ephansi kanye nomphakathi okwazi ukumelana nesimo sezulu
    • Ukunciphisa umthelela wobugozi bekhwalithi yezemvelo kwempilo yabantu
    • Ukubambisana kwamazwe ngamazwe ukusekela ezemvelo zaseNingizimu Afrika kanye nokubaluleka kwentuthuko eqhubekayo

 

Uhlelo lwesi-5:Ukugcinwa kwemvelo kanye nezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo 

  • Inhloso: Ukuqinisekisa ukulawulwa nokuphathwa kwezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo, amagugu kanye nezindaba zokongiwa kwemvelo ngendlela ekhuthaza ukukhula komnotho okusimeme nentuthuko.
  • Uhlelo lamasu olunemiphumela:
    • Ukulondoloza isimo sokuphilisana kwemvelo, futhi siphathwe kahle futh sitshenziswa ngokuqhubekayo
    • Ukunciphisa izisongo zokuthikamezeka kokuphilisana kwezinto eziphilayo
    • Ukuwufinyelela kulula okuthuthukisiwe, ukwabelana okufanelekile nokulinganayo kwezinzuzo

 

 Uhlelo lwesi-6: Izinhlelo Zemvelo

  • Inhloso: Ukuqalisa uhlelo lokunweba uhlelo lwemisebenzi yomphakathi kanye namaphrojekthi omnotho obhekelela imvelo emkhakheni wezemvelo
  • Uhlelo lamasu olunemiphumela:
    • Ukwakhiwa kwemisebenzi ezinzile futhi ehloniphekile, kubekwe eqhulwini intsha, abesifazane kanye nabantu abakhubazekile
    • Ukuvuselela nokuphathwa kwendlela imvelo ephilisana
    • Ukulawula noma ukubhekana nemlilo ngokuhlanganyela
    • Ingqalasizinda, ukuzivumelanisa nezimo kanye nokunciphisa izinhlekelele
    • Ukuthuthikiswa kwenani lezisebenzi kulo mkhakha

 

Uhlelo lwesi-7: Ukusingathwa Kwamakhemikhali Nefucuza

  • Inhloso: Ukuphatha nokuqinisekisa ukuthi izinqubomgomo nemithetho yokulawulwa kwemfucuza kanye namakhemikhali ziyasetshenziswa futhi ziphoqelela  ukuhambisana nokugunyazwa izinqondiso nwzivumelwamo eziphathelene  namakhemikhali kanye nokulahlwa kwefucuza
  • Uhlelo lamasu olunemiphumela:
    • Ukunciphisa umthelela wobugozi bekhwalithi yezemvelo kwempilo yabantu
    • Ukuqinisekisa inani labasebenzi abanamakhono anele nabanobuhlakani abakwazi ukwenza umsebenzi wabo wokuphatha imvelo ngempumelelo.

 

Uhlelo lwesi-8: Ukusingathwa Kwezamahlathi

  • Inhloso: Ukuthuthukisa nokwenza lula ukusbenza kwezinqubomgomo nezinhlelo ezihlosiwe zokuqinisekisa ukuphathwa kwamahlathi, ukusetshenziswa okuqhubekayo kanye nokuvikelwa komhlaba namanzi, nokulawulwa kwezingozi zezolimo nezinhlekelele.
  • Uhlelo lamasu olunemiphumela:
    • Ukukhiqizwa okuqhubekayo kwamahlathi kahulumeni
    • Uguquko kmkhakha wezamahlathi oluhambisana nohlelo oluyinhloko
    •  Ukulawula nokuphathwa kwamahlathi endabuko ngendlela eqhubekayo
    • Ukunciphisa umthelela wobugozi bekhwalithi yezemvelo kwempilo yabantu

 

Uhlelo lwesi-9: Ukusingathwa Kwezokidoba

  • Inhloso: Ukuqinisekisa ukusimama, ukusebenzisa kanye nokufinyelela okuhlelekile kwemithombo yezinsiza eziphila olwandle ngokuphathwa okuthuthukisiwe kanye nokulawula
  • Uhlelo lamasu olunemiphumela: 
    • Uhlaka lokulawula olusebenzayo noluvumelayo lokuphatha nokuthuthukiswa kwemithombo yezinsiza eziphilayo zasolwandle kanye namanzi ahlanzekile (izilwandle, ugu, imifula namadamu)
    • Umkhakha ophethwe kahle wezokudoba kanye nezokufuya zasemanzini ezisimeme futhi ezithuthukisa ukukhula komnotho kanye nentuthuko
    • Izimo zenhlalo-mnotho ezingcono emphakathini edobayo

About

We are professional and reliable provider since we offer customers the most powerful and beautiful themes. Besides, we always catch the latest technology and adapt to follow world’s new trends to deliver the best themes to the market.